Uboshiwe owesilisa osolwa ngokudlwengula umngani wentombi yakhe

2017-10-12 19:33

Port Elizabeth - Owesilisa osolwa ngokudlwengula umngani wentombi yakhe eWillowvale, ngoLwesibili, ugqunywe esitokisini njengoba elinde ukuvela enkantolo, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe le ndoda, 25, intombi yayo kanye nomngani wentombi, babezipholele endaweni yokucima ukoma eseNqadu, ngasedolobheni elise-Eastern Cape, ngabo-18:00 ngoLwesibili.

Kuthe ngemuva kokuhamba kwentombi yalo wesilisa, wadumela umngani wentombi yakhe wamdlwengula.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe obulale obedlwengula intombi yakhe

Umngani ube esebikela amaphoyisa ngalesi sigameko ngoLwesithathu, waboshwa ngalo lelo langa umsolwa.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoLwesihlanu.

Kwesinye isigameko KwaZulu-Natal, ubaba oneminyaka engu-31 ubudala waseMadadeni ugwetshwe udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 ubudala.

Kuthiwa lo baba wayejwayele ukudlwengula le ngane ayisabise ngokuyibulala uma ike yathi vu ngokwakuyehlela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...