Uboshiwe owesifazane ovule icala elingamanga, kanti uvulela umuntu osewashona

2018-03-16 14:00

Durban – Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala uboshiwe ngokuvulela umufi icala elingekho, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Lona uboshwe wuphiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences eDurban Central ngoLwesithathu ngemuva kokuba amaphoyisa ekuqinisekisile ukuthi usomabhizinisi amvulele icala washona ngo-2016, kusho uColonel Thembeka Mbhele ngoLwesine.

Owesifazane utshele amaphoyisa ukuthi wahlangana nomufi ngoFebhuwari 19 nonyaka ngemuva kokumthembisa umsebenzi.

"Uthi bahlangana kuSmith Street (Anton Lembede Street) baya emahhovisi aseSangro House, nokuyilapho akhumula khona phambi kwakhe, wamvezela isitho sangasese."

OLUNYE UDABA: Ubuholi be-ANC buvakashele ibandla i-ZCC okokuqala ngqa

"Kuvulwe icala emaphoyiseni aseDurban Central ngesigameko ukuze kwenziwe uphenyo. Uphenyo lukuqinisekisile ukuthi umsolwa, oneminyaka engu-76 ubudala, washona ngo-Ephreli 2016. Lokho kuqinisekiswe nawuMnyango wezaseKhaya,” kusho uMbhele.

UMbhele uthe baphethe ngelokuthi lona wesifazane uqambe amanga emaphoyiseni, wabe eseboshwa ngokuphazamisa ukusebenza komthetho nangokuqamba amanga.

UMbhele uthe owesifazane kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eThekwini ngoLwesihlanu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...