Uboshiwe owashiya izingane zodwa waya kophuza

2018-04-24 18:01

Texas - Abasebenzi basendaweni yokudlela okuphinde kuphuxzwe kuyo utshwala i-Applebees eTexas babiza amaphoyisa ngemuva kokuba owesifazane owayedle kakhulu amanzi amponjwana esegibela phezu kwamatafula edansa.

Amaphoyisa athi abizelwa kule ndawo ekuSan Dario Avenue ngezithuba zabo-01:00 ekuseni ngenxa yowesifazane owayesephuze kakhulu.

Ngesikhathi amaphoyisa efika, afica lo wesifazane esephelile amanzi amponjwana namehlo akhe ebomvu, edansa phezu kwetafula.

OLUNYE UDABA:Kushone umakoti nabebezolekelela kulungiselelwa umshado

Abasebenzi batshela amaphoyisa ukuthi uPriscilla Marisol Flores, 34, ubesezithathela ukudla emapuletini amanye amakhasimende.

UFlores kusolwa ukuthi wathuka amaphoyisa ngenhlamba wazama nokuwashaya ngesikhathi emtshela ukuthi akehle etafuleni.

Amaphoyisa abe esemgodukisa, ngesikhathi kufikwa endlini yakhe, amaphoyisa afica izingane ezimbili ezineminyaka engu-12 ubudala zilele zodwa emagumbini ehlukene.

UFlores waboshwa ngezithuba zabo-02:15, izingane zahanjiswa kugogo wazo.

UFlores uthweswe amacala amabili okushiya izingane zodwa nokucwila ezinkambeni sikaFaro emphakathini.

 - wwww

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...