Uboshiwe osolwa ngokulahla usana oluzelwe ehostela KwaMashu

2017-11-08 16:00

Durban  - Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-43 ubudala ngemuva kokuba kutholakale usana oluzelwe lulahlwe endaweni yasemjondolo eseduzane nasehostela laKwaMashu ngoLwesithathu.

Isakhamuzi esicele ukuba lingadalulwa igama laso, sitshele abezindaba iNews24 ukuthi yiso esibone lo wesifazane eduzane nethoyilethi lomphakathi ngoLwesibili ntambama.

"Ubesikwa njengoba ebekhulelwe ngaleso sikhathi. Sibe sesimupheka ngemibuzo ngemuva kutholakala kwalolu sana namuhla (ngoLwesithathu) ekuseni.

OLUNYE UDABA:Akakaboshwa olahle ingane ethoyilethi

"Uhlulekile ukusiphendula ukuthi iphi ingane yakhe njengoba bekubonakala ukuthi asisekho isisu. Sibe sesinquma ukuthi sishayele amaphoyisa ucingo," kusho lesi sakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uqinisekise ukuboshwa kwalo wesifazane.

"Kutholwe usana lulahliwe eduzane nomjondolo ongakujantshi wesitimela ehostela ngezithuba zabo-07:40. 

"Amaphoyisa aKwaMashu abophe owesifazane kanti uzothweswa icala lokufihla ukubeletha," esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...