Uboshiwe osolwa ngokubamba inkunzi umuntu obephuma ebhange

2017-12-24 10:07

Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape abophe indoda eneminyaka engu-41 ubudala ngokuphanga ngoMgqibelo, ngemuva kokuba kubanjwe inkunzi umuntu obephuma ebhange eTable View, eKapa.

"I-number plate yemoto ebihamba umsolwa iholele amaphoyisa endaweni yaseLanga lapho okutholakale khona ukuthi ikokotelwe. Ngesikhathi amaphoyisa eseLanga abone imoto efana nemoto ebihamba umsolwa yohlobo lwe-VW Polo. Ngemuva kokugijimisana, abebesemotweni baphumile babaleka ngonyawo," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Andre Traut.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa amalungu ezitokfela ngobugebengu obudlangile

"Kuboshwe umshayeli wemoto ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu zesibhamu, imali engu-R8 600 namaselula amathathu. Uphenyo ludalule ukuthi imoto ebihamba umsolwa yadunwa eMowbray ngenyanga edlule."

UTraut uthe kuphinde kwatholakala ukuthi le moto ike yabandakanyeka kobunye ubugebengu eKuils River kwephezulu.

"Umsolwa kulindeleke ukuba avele ngoLwesithathu kanti abanye basathungathwa."

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...