Uboshiwe odubule wabulala intombi kwaSwayimane

2018-03-21 12:01

eThekwini - Usale ubambe ongezansi umphakathi ngemuva kokuba owesilisa adubule abulale intombi yakhe erenki.

Kuthiwa uKhule Buthelezi, 24, osebenza esitolo sokudla erenki yamatekisi ufike  wagqokozwa yisoka lakhe ngenhlamvu erenki.

Kuthiwa uButhelezi uhilizisane nesoka lakhe anengane nalo ngesikhathi limhlasela.

AbeSolezwe bathole ukuthi leli soka liyimenenja kuyo lerenki yakwaSwayimane eWartburg.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile icala labasolwa ngokubulala indoda nonkosikazi wayo eNgcobo

Umthombo waleli phephandaba ozibonele ngawalo uthi akekho obengasondela kumsolwa ngesikhathi kunengxabano ngoba isibhamu besisesandleni.

"Ngaphambi kokuba asubule intombi uqale wajaha usomatekisi osekhulile emsola ngokujola nentombi yakhe,"kusho umthombo waleli phepha.

Ngemuva kokubulala intombi kuthiwa umsolwa uthe usayobheka usomatekisi ukuze aqede ngaye.

Omkhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa akwaSwayimane avule icala lokubulala.

"Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu29 ubudala ngecala lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni," kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...