Uboshiwe obeshushumbisa i-cocaine ngokuyigwinya

2017-09-21 16:01

Cape Town - Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala osolwa ngokushushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza eKapa.

Lo wesifazane uboshwe ngoLwesithathu.

Kuthiwa ufike kuleli ngendiza esuka e-Angola.

OLUNYE UDABA:Kutholakale i-cocaine ifihlwe emabhodleleni omuthi wezinwele

Amaphoyisa athole ukuthi ugwinye amaphilisi angu-100 ezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine.

Okhulumela amaphoyisa u-Andre Traut uthe: "Uphuthunyiswe esibhedlela lapho okukhishwe khona la maphilisi. 

"Uzovela enkantolo yaseBellville uma esethweswe icala."

Kwesinye isigameko, abagibeli ababili bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela e-OR Tambo International Airport ngemuva kwezinsolo zokusabisa abantu ngokuthi kunebhomu kulesi sikhumulo sezindiza.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park.

Kukholakala ukuthi la basolwa basabise ngebhomu ngesikhathi bekhuluma nezisebenzi zenkampani yezindiza ngoLwesithathu.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...