Uboshiwe obesekuphele izinyanga efuneka ngecala lokubulala

2017-10-21 12:32

Cape Town – Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-18 ubudala eQueenstown, e-Eastern Cape, ngecala lokubulala owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala ePhilippi East, eKapa, ngoJanuwari, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu. 

Okhulumela amaphoyisa uColonel Andrè Traut uthe besekuphele izinyanga amaphoyisa ezama ukuthola umsolwa.

Kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eQueenstown ngoMsombuluko, nokuyilapho ezobe esebuyiselwa khona eWestern Cape ukuyobhekana necala lokubulala, kusho uTraut kwiNews24.  

Indawo yasePhilippi East ibesematheni emasontweni edlule kulandela ukubulawa kwabantu abangu-11 ethaveni, ngoSepthemba 29.

OLUNYE UDABA: 'UZuma unelungelo lokuxosha uRamaphosa'

Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwalesi sigameko, kwakubulawe abantu abayisikhombisa.

Le ndawo ingenye yalezo eziyingozi kakhulu kuleli njengoba bengaphezu kuka-217 abantu ababulewe esikhathi esingangonyaka esedlule. 

Ngemuva kwalezi zigameko, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula wamemezela ukuthi uzokwengenza amaphoyisa angu-40 endaweni, kuphinde kuqokwe umphathi siteshi omusha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...