Baboshelwe ukukhwabanisa “abebezenza abefundisi”

2016-10-04 16:01

Johannesburg – Owesilisa kanye nowesifazane abebezenza abefundisi babhekene namacala angaphezu kwa-100 okukhwabanisa emva kokuqola imali kwizisulu ezazinganakile, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Umlisa oneminyaka engu-45 kanye nowesifazane onengu-41 ubudala bekulindeleke ukuthi bavele ePretoria Commercial Crimes Court ngoLwesibili, kusho uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini.

Laba kubikwa ukuthi besekuphele isikhathi esingaphezu konyaka bephenywa kanti zigcine zibakhalele ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: "Ngadlwengulwa yinceku kaNkulunkulu"

UDlamini uthi kwabikwa amacala amaningi abantu abathi bagilwa yilaba ababili nalapho kusolwa ukuthi babethembisa ukunikeza usizo ngezinto eziningi okubalwa kuzo ukunakekela izisulu kanye nokululeka ngokomqondo yize noma bengakubhalisele ukwenza lo msebenzi.

Ngaphezu kwalokho uDlamini uthi laba baphinde bazenza abefundisi bebandla iSoldiers for Christ, elisePitoli, nalapho babeqashe khona amahhovisi.

Ibandla alitholakalanga ukuze liphawule kulolu daba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...