Ubonga elakubo osinde engozini edlule nenqwaba

2017-04-18 11:02

Durban - Ubonge elakubo ngokusinda engozini yebhasi edlule nenqwaba yemiphefumulo yabantu ngoMgqibelo eyenzeke eNtunjambili eKranskop enyakatho neKwaZulu-Natal.

UPhilisiwe uMaDlamini-Mqadi uthi ufike ibhasi seligcwele lapho bekuzosukelwa khona kwaba wukusala kwakhe ebhasini.

Ugcine ehamba ngemoto encane nokuyikhona okumsindisile kule ngozi edlule neqwaba yemiphefumulo.

Utshele ILANGA ukuthi phakathi kwabantu abadlule nengozi yebhasi kukhona unina uJabu Dlamini nodadewabo omncane uNkz Thanda Dlamini. Abantu abashone kule ngozi bayi-15 abanye balimale kanzima kanti kumbulwa kuyembeswa.

UNkz Dlamini utshele ILANGA ukuthi cishe kwavalwa ngehlahla emndenini wakubo.

"Besilandelana nebhasi kukuhle kulokhu kulandelwana, kuthe ngokuhamba kwesikhathi sabona ibhasi ingasaqhamuki kanti kuzongena ucingo sithintwa ngabanye ebebesebhasini bethi sekwenzeke ingozi.

Sijikile sabuyela emuva safica isimo sinzima ngoba bebevaleleke ngaphakathi ebhasini, abayili-12 bese bevele beshonile ngesikhathi sifika, oyedwa uphelele phambi kwethu," kusho uMqadi.

Kuthiwa ababili baphuthunyiswe esibhedlela eNtunjambili bashonela khona kanti oyedwa ushonele eNkosi Albert Luthuli eThekwini.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa bekuhanjiswe umembeso obusuka kwaNgwadi eMakhuzeni eBulwer maphakathi neKwaZulu-Natal uya kwaDanisa eNkandla enyakatho neKwaZulu-Natal bude buduzane naseKranskop.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa imoto ishayisa isihlahla igqamuka amalangabi

Kuvela nokuthi kuyona le ngozi kushone nonina womkhenywana obeyombesa okunguMaMsiya Ngwadi nodadewabo ababili bakamkhwenyana okunguNokukhanya Ngwadi noNonto Ngwadi kanti bangu-8 sebebonke abashonile kulolu zalo lomndeni obuyombesa.

Imenenja yomkhandlu kamasipala waseDkt Nkosazane Dlamini-Zuma uNkosiyezwe Vezi uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amalunga ale mindeni afihlwa ngesizotha.

"Siyazi sonke ukuthi emakhaya iyathandwa imicimbi yesintu njengoba abantu belimale beyojabula. Silahlekelwe kakhulu endaweni yethu sisazohlanganisa amakhanda nayo imindeni kanjalo noMnyango wezokuThutha ukuze kuqhanyukwe necebo lokulekelelwa kwemindeni," kusho uMnu Vezi.

Kuthiwa abanye abasinde kule ngozi kusengozi makhaza kubona esibhedlela.

ILANGA lithole ukuthi kusolwa amabhuleki ebhasini. UNgqongqoshe wezokuThutha nokuVikelwa koMphakathi KwaZulu-Natal uMxolisi Kaunda uvakashele le mindeni izolo ngoMsombuluko ngenhloso yokubonisana ngezinhlelo zomngcwabo.

"Sibuhlungu futhi sidumele ngale nhlekelele eyenzeke ngemuva kwamasonto ambalwa senza imizamo yokugwema izingozi.

“Kutshalwe amaphoyisa omgwaqo ukuqhapha isimo kanti sekuqokwe nethimba lonjiniyela ukuthola imbangela yengozi."

"Sifisa ukuphinde sinxuse abantu baKwaZulu-Natal ukuba baqinisekise ukuthi bashayela ngokucophelela. Abagibeli kufanele bahlole isimo sabashayeli nezimoto abazigibelayo ngaphambi kokuba bathathe uhambo ngoba lokho kubalulekile kakhulu futhi kungasiza ukuthi kugwemeke ingozi.

"Umyalezo wethu obhekiswe kubantu base-KZN uthi ukuphepha emgwaqeni nasemiphakathini yethu kuwumsebenzi wethu sonke," kusho uMnu uKaunda.

Kuthiwa umshayeli webhasi usindile.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...