UBonang uphoxekile ngokuhoxiswa kwencwadi kodwa ngeke axolise ngamaphutha

2017-08-10 19:29

Durban - UBonang Matheba uphoxeke kabi ngokuhoxiswa kwencwadi yempilo yakhe ezitolo zakwa-Exclusive Books‚ kodwa ngeke axolise ngamaphutha akuyo nokuyiwona aholele ekuhoxisweni kwencwadi.

Ekhuluma nabe-TshisaLIVE ngemuva kokuvela kwezindaba zokuhoxiswa kwale ncwadi kuleli sonto, umphathi kaBonang uSylvester Chauke usole abashicileli ngokuhoxiswa kwale ncwadi hhayi lo saziwayo.

"Kube yiphutha lokushicilela kanti lolu daba lulungiswa ngabashicileli bencwadi. Yebo uBonang uphatheke kabi ngalokhu, kodwa ngeke axolise ngamaphutha ngoba ngamaphutha okushicilela," kusho uSylvester.

Lo mphatha akafunanga ukuveza ukuthi ngabe uBonang wayifunda incwadi ukuhlola amaphutha ngaphambi kokuba ikhishwe iyodayiswa, kodwa uthe ifundwe ngabantu abambalwa abebeyingxenye yalo lonke lolu hlelo lokuqinisekisa ukuthi okukhona kuyiqiniso futhi akunamaphutha.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

"Bambalwa abantu abayifundile lencwadi okubalwa kubo abashicileli abambalwa," kuqhubeka yena.

Uthe uBonang ubexhumana nabeBlackBird Books ukuqinisekisa ukuthi ushicilelo olulandelayo luzoba ngolwekhwalithi engcono kunalokhu futhi sebebheke phambili.

"UBonang nethimba lakhe babheke phambili ngokomsebenzi. Angifuni ukugxila kulokhu okwenzekule kodwa kumele sibheke phambili ukuthi ikusasa lisiphatheleni," kulandisa lo mphathi.






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...