UBonang ucasulwe abalandeli abathi uzama ukucindezela uMinnie

2017-09-26 12:32

eGoli - UBonang Matheba usezwakalise ukudinwa kwakhe kulabo abathi uzama ukuvimbela uMinnie Dlamini ekutheni agqame, ebhala ezinkundleni ukuthi usekhathele yilokhu.

Abalandeli balabo saziwayo bathuthelene ezinkundleni zokuxhumana beqhathanisa ukwenza kwabo ukubonisa ukuthi kukhona ozama ukudla omunye izithende.

Lokhu kuphinde kwenzeka ngempelasonto ngesikhathi umlandeli esebenzisa uhambo lukaBonang oluya eParis njengendlela yokulandela uMinnie naye obekavakashele kuleliya lizwe ngaphambi komshado wakhe.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa uBonang "wayelishaya" isoka egajwe yisikhelwa uma esebudlonyile

Yize abalandeli bakaBonang bephume ngobuningi babo begadla bevikela le ntokazi, nayo ishiye amazwi ambalwa okuziphendulela ngaphambi kokuthatha indiza ebheke eParis.

UBonang akaqali ukugxekwa ngale ndlela, mhla enza iphathi yokugubha iminyaka engu-30 edla anhlamvana, lo mcimbi wawenza ngosuku olulodwa nomembeso kaMinnie, kwathiwa uzama ukuthi kunakwe yena ngaphezu kukaMinnie.

Ngemuva kwalowo mcimbi, abe-TshisaLive bazama ukuxhumana naye bemubuza ngalezi zinsolo wacacisa ukuthi ubengazami ukucindezela uMinnie.

"Ngineminyaka engu-13 ngikule mboni. Angisenandaba nokuthi abantu bathini ngoba bahlezi bekhuluma. Uma umuntu ethuthuka eba wusaziwayo omkhulu ezweni, vele abantu bazonginaka,” kuphawula yena ngaleso sikhathi.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...