UBheki Cele uvikele abe-ANC abavotele ‘ukuketula’ uZuma

2017-08-15 11:04

Johannesburg – Ilungu leNational Executive Committee ye-ANC, uBheki Cele, usevikele amaLungu ePhalamende e-ANC avote ngokubambisana namaqembu aphikisayo esiphakamisweni sangesonto eledlule sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

Ekhuluma namagatsha e-ANC eMlazi Community Hall, uCele uthe sekuvele kunezinkulumo zokumoshwa kwezinsiza zikahulumeni ukuze zisetshenziselwe uhlelo lokuhlola ukuqamba amanga (lie detector test) ngenhloso yokuthola ukuthi yimaphi amaLungu ePhalamende e-ANC angalandelanga umyalelo weqembu, ase avota namaqembu aphikisayo.

OLUNYE UDABA: Ningayeki ukufaka i-ANC enkantolo ize ifunde ukuhola – Bheki Cele

“Akekho obuzayo ukuthi yini kanye le eholele ekutheni labo bantu bathathe leso sinqumo. Kungani ungabuzi ukuthi lento iqale kuphi? Labo bantu abavote namaqembu aphikisayo abahlanyi. Bangamalungu e-ANC azimisele futhi bangamalungu eNEC.”

UMengameli Jacob Zuma, uMgcinimafa Jikelele we-ANC uZweli Mkhize, ilungu le-NEC uLindiwe Zulu kanye ne-ANC eKZN bonke sebenxuse ukuthi kuthathelwe izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe amaLungu ePhalamende avote ngokubambisana namaqembu aphikisayo – yize noma kungacaci ukuthi bangakanani ngempela.

UCele uthi lama Lungu ePhalamende ‘ayizephulamthetho’ kumele kuxoxiswane nawo ukuze kutholakale ukuthi yini eholele ekutheni avotele ukuphikisana nesiphakamiso sokungamethembi uZuma okunokuthi kuxhanyazelwe ngokuwajezisa. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...