Ubhekene nawokuzama ukudlwengula owaseGoli

2017-03-01 16:01

Pretoria - Uboshiwe owesilisa ozame ukudlwengula owesimame endaweni yaseCenturion ePitoli ngecala lokuzama ukudlwengula.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili kuSolomon Mahlangu Road lapho umsolwa ebambe owesimame wazama ukumdlwengula emkhombe ngommese.

OLUNYE UDABA:Ziyikhalele indoda eyazama ukudlwengula isangoma emgidweni

Ngokwemibiko yephephandaba lo mphakathi i-Rekord Centurion onogada balunywe indlebe ngalesi sigameko ngowesilisa oshayela ujibha ukuthi ubone umsolwa ezama ukudlwengula owesimame.

Abenkampani iBull Security baphuthume kule ndawo, ngesikhathi bemubamba umsolwa ukhiphe ummese wazama ukugwaza unogada, kuphetha umbiko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...