Ubengakaze aphathwe yizinso uNcwane - Umngani

2016-12-07 10:00

Johannesburg - Umculi weGospel odlule emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni, uSfiso Ncwane, ubengakaze akhale ngezinso okuthiwa yizona ezimbulele, kubika iphephandaba iSolezwe.

Lezi zindaba kuthiwa zivezwe uSimphiwe Mzelemu obengumngani obengahlukani noNcwane njengoba bebehlale bendawonye.

UMzelemu uthe isifo abasaziyo bona sikaNcwane esenhliziyo naso esagcina silaphekile, wabangumqemane.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owayeyisikhulu se-ANC

UMzelemu uthi uNcwane ubengumuntu obehlala ewaphuza amanzi ngisho nomaphi lapho beya khona ubengawashiyi amanzi njengoba abehlala ekwi-cooler box.

Uthe ngoMgqibelo ngesikhathi eyonandisa eLimpopo wayeseqalile ukugula kodwa waqhubeka nokunandisa ngoba ethi uhlonipha abalandeli emcimbini weThobela FM.

UMzelemu uqhube wathi ngesikhathi eseyiswa esibhedlela uNcwane wayesephelelwe ngamandla engasakwazi nokuzihambela.

Lo mngani uthi baqale ukuzwana noNcwane eMthwalume.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...