UBen 10 ushise umuzi kaSugar mama ngemuva kokwaliwa

2017-04-14 12:40

Sebokeng - Ukuqubuka kwengxabano phakathi kuka-Ben 10 no-sugar mama kuzwakale ukuthi kuholele ekutheni uBen 10 ashise umuzi waSugar mama wakhe oseZone 14 eSbokeng, eningizimu yeGoli, kubika iSedibeng Ster.

Kuthiwa owesifazane oneminyaka engu-56 ubudala ukhethe ukuhlukana nesoka lakhe, 36, engazi ukuthi lizovele lithungele ngomlilo umuzi wakhe.

Lo wesifazane usephenduke undingasithebeni njengoba manje usekhosele egaraji lomuzi wakhe oshile. Isoka kuthiwa libalekile ngemuva kokokhela umuzi ngomlilo kodwa labanjwa ngamalungu omphakathi ngemuva kwezinsuku ezingu-7 kwenzeke isigameko, selitholwa e-Evaton lapho okusolwa ukuthi belicashe khona.

OLUNYE UDABA: Bafinyisane igazi o-Sugar Mama abathengelwe amaphenti afanayo

Lo wesifazane ekhuluma neSedibeng Ster uthe sebenonyaka nezinyanga ezintathu bethandana nalo wesilisa futhi bahlala ndawonye ngemuva kwenyanga eyodwa bethandanile.

"Sasixabana njengazo zonke izithandani kodwa kwafika kumina ukuthi akukho engingakwenza uma edle amanzi amponjwana. Ngase ngibona kungcono ukuthi ngihlukane naye ukuze umuntu ezoziphilela impilo yakhe" kusho lo wesifazane.

Uqhube ngokuthi ucela usizo njengoba engasebenzi. 

"Ngiyazisola ukuthi ngazijwayezelani naye. Kwakungafanele ngimuvumele ukuthi azohlala nami. Manje sekushabalale konke engakusebenzela."

Isoka lalo wesifazane seliboshiwe, libhekene necala lokushisa, amaphoyisa ayaphenya.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...