Ubelimele kanzima otholakale egwazwe emhlane

2016-10-02 13:29

Johannesburg – Owesilisa, okukholakala ukuthi useminyakeni eko-30 ubudala, ulimale kanzima ngesikhathi ebhozonyelwa umuntu wagwaza emhlane ku-Angola Drive, eCosmo City, eGoli.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoMgqibelo ebusuku,kusho abezimo eziphuthumayo eGauteng, kubika i-African News Agency.

“Abakwa-ER24 babizelwe endaweni yesehlakalo bathola le ndoda ilele phansi eceleni komgwaqo,” kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe umfana, 17, washona esendleleni eya esikoleni

Kuthe uma beyihlola le ndoda kwatholakala ukuthi inenxeba elibi lokugwazwa emhlane.

Lo obemgwaza umshiye ezitshela ukuthi ushonile, kusho uMeiring.

Isisulu sibe sesinikezwa usizo lwezempilo sase siphuthunyiswa eHelen Joseph Hospital ukuba siyothola okunye ukwelashwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...