Ubelethele esiteshini samaphoyisa

2016-02-29 18:30

Cape Town – Amaphoyisa angu-20 abehalalisa ngemuva kokuthi owesimame abelethe ingane yomfana esiteshini samaphoyisa eTable View, kubika iNews24.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo uthe: "bengingabonanga ukuthi amaphoyisa abeseduze ngihalalisela umama, ngizwe sekuqhuma umsindo,” kusho oyivolontiya eCommunity Medics uKim Jurgens.

"Uyise ubephethe ingubo enhle nokungamasokisi akugqokise ingane. Injabulo ibibhalwe ebunzini. Ngizosikhumbula impilo yami yonke lesi sigameko."

OLUNYE UDABA:Ubelethe amawele amane maqede washona

Lo mame nomyeni wakhe okukholakala ukuthi abanalo ikhaya, baboni isiteshi samaphoyisa njengendawo ephephile lapho abazothola khona usizo, kusho yena.

UKim uthi uvele wagqokela phezu kwezimpahla zokulala ngemuva kokuthola ucingo phakathi kwamabili. Uthole lo wesimame esevele ezobeletha e-charge office emaphoyiseni, wase eshayela i-ambulensi.

Uthathe lo mama wamhambisa endaweni efihlekile wamendlalela kahle phansi ukuze ekhululeke.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...