Ubelethele endlini yangasese ojikiswe amanesi

2016-05-21 11:06

Johannesburh - Ufuna kungenelele uNgqongqoshe wezeMpoilo u-Aaron Motsoaledi umlisa okudingeke ukuba umkakhe abelethele endlini yangasese yomgodi ngemuva kokujikiswa amanesi.

USandile Shongwe,29, uhambise umkakhe, uNtomfuthi Khoza,26, eMatsulu Clinic ngaphandle kwaseMbombela ngoMsombuluko odlule.

“Ngemuva kokufonela i-ambulance ingafiki, ngibize itekisi ukuba ihambise unkosikazi ngoba ubeseqhunyelwe amanzi.”

“Amanesi afike amhlola, abesesitshela ukuthi asibuyele ekhaya ngoba ingane isekude. Ngibatshele ukuthi ngeke sikwazi ukubuyela ekhaya ngoba unkosikazi usezinhlungwini.”

“Bangitshela ukuthi angivale umlomo ngoba bayawazi bona umsebenzi wabo.”

Funda nalolu daba: Kushone umshayeli isithuthuthu sishayisa udonga

USandile uthi ngesikhathi ezincengela kumanesi ukuthi okungcono awamgcine unkosikazi wakhe ngoba kuyabanda ngaphandle futhi sekumnyama, avele abaxosha.

“Ngesikhathi zimqinisa izinhlungu, esikwa, umkami uphuthume ethoyilethi lomgodi nokuyilapho efike khona wahayisa, wazewabeletha ingane.”

Uthi ngesikhathi isizelwe ingane, umkakhe ubesethola usizo, wadedelwa ngakusasa ekuseni.

Okhulumela uMnyango uChristopher Nobela uthi bazokwenza uphenyo uma sebethole umbiko ogcwele emtholampilo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...