Ubekwa endaweni yakhe yokugcina umlingisi uDumi Masilela

2017-08-12 10:00

Johannesburg - Uyafihlwa namuhla (ngoMgqibelo), eGoli, umlingisi ophinde abengumculi uDumi Masilela.

INkonzo yomngcwabo iqale ngezithuba zabo-08:00 ekuseni eHope Restoration Ministries eKempton Park.

Abangani, umndeni nabalandeli bakhe bathi ukudlula kwalo mlingisi esigamekweni sokuzama ukuduna kuwulimaze kakhulu umkhakha weyezokujabulisa.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Inkonzo yesikhumbuzo kaDumi Masilela

UMasilela ubedlala indawo kaSfiso emdlalweni wakumabonakude iRhythm City.

Lo mlingisi udlule emhlabeni ngesonto eledlule, ngemuva kwesigameko sokuzama ukuduna. Wadutshulwa eTembisa washonela esibhedlela.

Inkonzo yakhe yesikhumbuzo yayibanjwe ngomhlaka-9 Agasti 2017, ngoLwesithathu.

Ngaphambi kokuba abeyisihlabani sakumabonakude, uMasilela wayedlalela iqembu lebhola lezinyawo iSuperSport United. Wayedlalela u-under-23 ngeshwa ngo-2008 wabandakanyeka engozini yemoto, wangabe esakwazi ukuqhubeka nokudlala kulandela ukulimala kanzima engozini.

 ISITHOMBE:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...