Ubalule izinkinga ze-ANC uSisulu

2017-05-07 17:03

Johannesburg – Lowo oyilungu lekomidi eliphezulu le-African National Congress uLindiwe Sisulu ngeSonto uvumile ukuthi iqembu elibusayo libhekene nezinkinga zoqhekeko kanye nezobuzwe.

"Sinazo izinkinga; siwumkhiqizo womlando wethu. Siwumkhiqizo wesikhathi sethu…” kusho uSisulu esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eLuthuli House eGoli.

"Sibhekene noqhekeko; sibhekana nezinkinga zobuzwe…

OLUNYE UDABA: URamaphosa uxolisle ngokwenzeka eMarikana

"Sivame ukubhekana nalezi zinkinga," esho.

USisulu uthe iqembu linethemba lokuthi lizozidingida lezi zinto emagatsheni nasemphakathini, ukuze ifike sekunesisombululo ingqungquthela yemigomo.

Uthe iqembu lizobe selikwazi ukukhombisa ukuthi likwazile ukulungisa amaphutha alo ngaphambi kokuba sitshele abantu ukuthi basibheke babone isibonelo kithi…”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...