UBathabile Dlamani akeneme ngeTop 6 ye-ANC 'egcwele amadoda'

2017-12-19 16:00

Johannesburg - UMengameli we-ANC Women's League uBathabile Dlamini uthi uJessie Duarte ubengeke asithole isikhala kwiTop 6 ye-ANC ukube ubesohlwini lwalabo abebehamba noCyril Ramaphosa.

"Akumele siziqhenye ngalo mphumela. Isiphinde yabuya futhi indaba yokuthi amadoda yiwo afanelwe ukuphatha," esho esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, kubika i-eNCA.

"UJessie Duarte ungenile kwiTop 6 futhi siyaziqhenya ngaye, kepha sifuna ukusho futhi ukuthi uComrade Jessie ungene kulesiya sikhala kuphela ngoba ubeqhudelana nomunye umuntu wesifazane.

"Ukube ubebanga nomunye umuntu wesilisa ubengeke alibone elidlalayo. U-Oliver Tambo uyaphenduka ethuneni kumanje ngenxa yalo mphumela. Umzabalazo wokuqoka umengameli wesifazane ubuvele ungeke ube lula futhi lokho besikwazi kwasekuqaleni," eqhuba.

OLUNYE UDABA: I-ANC ibambe umhlangano mayelana namavoti 'anyamalele'

Uthe yize bewazi amagalelo kaDuarte kwezomzabalazo, kanjalo bayazi futhi ukuthi ubengeke aphumelele ukube ubeqhathwe nomuntu wesilisa.

UNkosazana Dlamini-Zuma, obesekwa yi-ANCWL kwesikamengameli kaKhongolose, ukhale ngaphansi kwanqoba uRamaphosa.

UDlamini uphinde wazwakalisa ukuthi beyi-ANCWL bayaziqhenya ngoMengameli Jacob Zuma ngoba ukwazile ukuhola inhlangano ngezikhathi ezinzima.

Buka uDlamini ekhuluma ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...