‘Ubanjwe ngeholo’ umdlali obesabisa ngokushiya iqembu

2016-06-29 13:31

Durban – Ukukhushulelwa umholo kwenze uBhongolethu Jayiya ashintshe umqondo kulandela ukusabisa ngokushiya iMpumalanga Black Aces uma kungahlangatshezwana nezimfuno zakhe.

UJayiya ubefuna abaphathi bamthuthe nomndeni wakhe njengoba iqembu selifudukela eKapa, kubika iSolezwe.

Kulindeleke ukuthi lowo osanda kuthenga leli qembu, uJohn Comitis, ethule iqembu lakhe elisha ngoLwesithathu khona eKapa.

OLUNYE UDABA: Umdlali uthi naye ubone ngomqhafazo ukuthi usengumdlali wePirates

Kulo mcimbi kulindeleke nokuthi kwethulwe negama elisha leqembu.

UJayiya ubengayiboni kahle eyokuya eKapa uma uComitis engenzi imizamo yokuthwala izindleko zokuthutha umndeni wakhe.

Leli qembu lizocijwa yilowo obeqeqesha i-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...