Ubanjiwe owayefunelwa elokubulala ingane,7

2017-01-15 19:01

Cape Town – Owesilisa onenyanga ebalekela ingalo yomthathe ngelokubulala intombazane eneminyaka eyisikhombisa eWhitehouse usebanjiwe.

Lo mlisa, 32, ongumsolwa wesibili kuleli cala ubanjwe ngoLwesihlanu ngesikhathi eyovela enkantolo ngelinye icala.

Lo wesilisa kulindele ukuba avele phambi kweMantshi yaseBishop Lavis ngecala lokubulala ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:Umsolwa udubule omunye "ngephutha" kuphangwa eKZN

Ngomhlaka 11 Disemba amaphoyisa abizelwe isigameko sokubulala nesokuzama ukubulala e-Epping Forest.

Isisulu sesibili esatholakala sinenxeba lokudutshulwa emlenzeni sasinda.

Amaphoyisa aphuma umkhankaso wokufuna umsolwa kule ndawo, kodwa abamba umfana oneminyaka engu-17 ubudala ngelokubulala nelokuzama ukubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...