Ubanjiwe odume ngokushaya ama-ATM, adansisa amaphoyisa ngenhlamvu

2017-01-13 19:34

Johannesburg – UPhiko loKlebe esifundazweni saseNorth West lubambe isigebengu esasikade sifunelwa amacala ahlanganisa ukuqhumisa ama-ATM.

UKaputeni Tlangelani Rikhotso ukhiphe isitatimende ngokuboshwa kwalo msolwa esenkantolo yaseWitbank lapho abevele khona ngamacala okugebenga izimoto zemali.

“Umsolwa ubefunelwa amacala okuqhumisa ama-ATM noJuni 2016 endaweni yaseChristiana,”kusho uRikhotso.

OKlebe bathi lomsolwa wake wabanjwa oqotsheni ngaphambilini kodwa wavulela ngenhlamvu emaphoyiseni washaya wachitha nemali elinganiselwa kuR600 000.

OLUNYE UDABA:Uwine iLotto owalahlwa amacala ocansi

Imoto abehamba ngayo yohlobo lwe-VW Golf 7 yatholakala endaweni yase-Orkney, kubika i-African News Agency.

Uphenyo lwabonisa ukuthi lemoto ike yasetshenziswa esigamekweni zokuduna imoto lapho kwacishe kwabulawa khona umuntu eMpumalanga ngo-2015.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...