UBabes Wodumo usezovula ikhaya labadala

2017-07-26 19:28

Cape Town – Inkampani ephethe izindaba zomculi wakuleli ophinde abe ngumdansi ongaconsi phansi, uBabes Wodumo, ikuqinisekisile kuThe Juice ukuthi lo mculi uzovula ikhaya labadala.

Oyi-CEO kanye neManaging Director yeCapacity Relations, uSarit Tomlinson, uye wanaba ngalesi sinyathelo, wathi: “Yinto uBabes ayisebenzayo kanti sizokwabelana ngezinhlelo maduzane. Yinto anentshisekelo enkulu yayo.”

OLUNYE UDABA: Nayi imali uBabes Wodumo ayibizayo ukuze akushayele zonke izingoma zakhe

“Nginothando olukhulu lwabantu abadala futhi ugogo wami wayenekhaya labadala kanti ngesikhathi samaholidi ngangisiza ngokunakekela ngenze yonke imisebenzi edingakalayo,” kusho uBabes.

Ngokombiko weDrum le ntokazi yodomo lwengoma iWololo isivele isiyibhalisile inhlangano engenzi nzuzo (NPO) kanti maduzane izobe isikulungele ukuthatha igxathu elilandelayo. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...