'Ubaba ubeyindoda elungile'

2018-01-03 07:24

Johannesburg - Indodana yesihlabani somculo wakuleli uRobbie Malinga eneminyaka engu-16 ubudala ithi ibuhlungu ngokudlula emhlabeni kwayise njengoba bekungathi bangamawele ngendlela abebezwana ngayo.

Lo mculi ishone ngoKhisimusi kulandela ukuxinwa wukugula enesifo somdlavuza.

UMalinga, 49, ushiye unkosikazi nezingane zabo ezimbili.

OLUNYE UDABA:Umunyu uKelly Khumalo evalelisa uRobbie Malinga ngengoma

Inkonzo yomngcwabo kaMalinga ibibanjelwe esontweni iRhema Bible (namuhla) ngoLwesibilie ekuseni.

URobbie Junr Malinga uthe uyise ubeyindoda elungile.

"Ngingasho okuningi ngobaba, nginga khuluma ngingaqedi kodwa ngithi ubeyindoda elungile. Inhliziyo yami ibuhlungu imbona esethule."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...