Ubaba kaSenzo uthi ucabanga ukulandela indodana

2016-11-28 11:31

Durban - Ubaba kaSenzo Meyiwa, uSam Meyiwa uthi usecabanga nokuzibulala ngendlela asehlukumezeke ngayo ngodaba lokudlula emhlabeni kwendodana yakhe.

UMeyiwa ukhulume nephephandaba iSolezwe wathi ubona kungcono alandele indodana yakhe eyadlula emhlabeni ngo-2014 ngoba luyamhlukumeza udaba lwayo njengoba kuze kube yimanje ababulali abatholakali.

OLUNYE UDABA: UKelly Khumalo umangalela uSam Meyiwa

UMeyiwa ubekhuluma naleli phephandaba kulandela ukuthola incwadi evela kubameli bakaKelly Khumalo bethi akayeke ukukhuluma ngaye emaphepheni.

"Angisazi ukuthi kumele ngenze njani manje, ngibona kungcono ngizibulale ngoba ukuhlukumezeka kulokhu kuqhubeka ngendaba yokushona kwendodana yami," kusho uMeyiwa.

UMeyiwa ube esecela ukuba kungenelele uMengameli Jacob Zuma kulolu daba athi seludonse isikhathi eside abenzi bokubi bengatholakali.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...