Ubaba kaSenzo Meyiwa uthi kumele engabe uhulumeni uyabondla

2016-09-20 13:32

Durban – Ubaba kaSenzo Meyiwa, uSam, uthi akakholwa ukuthi uhulumeni usonge izandla ekubeni wazi kahle ukuthi umndeni wakhe udonsa kanzima.

Akakhiphanga gama lamuntu, kepha uthe izingcingo zakhe seziyazitshwa yizikhulu uma ezithinta mayelana nosizi lwakhe.

Uthi indodana yakhe yenza umsebenzi omkhulu ukubeka i-KZN ebalazweni lomhlaba.

“Umfana wami ubeyiqhawe ebelimela izwe kuleli naphesheya kwezilwandle. Ngenxa yokuthi singumndeni wakhe kumele sibe yizitatanyiswa,” kusho uMeyiwa.

OLUNYE UDABA: Ubaba kaSenzo Meyiwa ufuna u-R1 million athenjiswa wona

Uthe kwaba buhlungu kakhulu ukulahlekelwa yindodana yakhe.

“Nganginethemba lokuthi umndeni wami awusoze wadonsa kanzima uhulumeni ukhona. Kumele engabe uyasinaka,” esho.

Okhulumela iHhovisi likaNdunankulu esifundazwe, uNdabenhle Sibiya uthe bayaluzwa usizi lukaMeyiwa.

“Sizoqinisekisa ukuthi lolu daba luyafika ezindlebeni zabaphathi ukuze baphonse itshe esivivaneni uma bengakwazi ngoba uSenzo wayimela kahle i-KZN,” kusho uSibiya.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...