Ubaba ezinsolweni zokubulala izingane zakhe ezingamawele

2017-04-07 11:00

Cape Town – Ubaba ubhekene namacala okubulala ngemuva kokuba umama ethole izingane zabo, ezingamawele, zishonile emzini oseHout Bay ngoLwesine, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut uthe ubaba, 48, ubaleke ngemoto ngemuva kwesigameko.

Ubaba ubanjiwe wabe eseyaboshwa ngokuhamba kwesikhathi eWynberg.

OLUNYE UDABA: I-SACP eKZN ayihlangani nemashi yeDA

"Kuphenywa ngokufa kwamawele aneminyaka emithathu ubudala, elomfana nelentombazane, izidumbu zawo ezitholwe ngunina emzini okuPrincess Road, eHout Bay," kusho uTraut.

"Okwamanje akwaziwa ukuthi zibulawe yini noma kanjani lezi zingane.”

Uthe ubaba wamawele kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eWynberg maduzane ngamacala amabili okubulala, nelilodwa lokweba imoto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...