U-Eskom usunikezwe imvume yokunyusa amanani kagesi

2017-02-23 18:00

Pretoria – Inhlangano ebhekelele ezamandla kuleli ithi u-Eskom ungakwazi ukunyusa amanani kagesi ngo-2.2% kunyakamali ka-2017/18 njengokwesivumelwano saminyaka yonke.

U-Eskom ususonyakeni wokugcina kulokhu iNersa ekubiza nge‘Third Multi-Year Price Determination (MYPD3)’ nosekuholele ekutheni le nkampani ikwazi ukungenisa imali elinganiselwa ku-R205bn.

Le mali kulindeleke ukuba ikwazi ukuphesha zonke izidingo zalesi sikhondlakhondla, okubalwa nenye imali engu-R33bn ebe yinzuzo.

Kule mali kubalwa nesamba esingu-R23bn sokuthengwa kukagesi ezinkampanini ezizimele.

OLUNYE UDABA: U-Eskom usabise ngokuyeka ukuphakela iZimbabwe ugesi

U-Eskom uyalelwe ukuba uzokwazi ukunyusa amanani kagesi ngo-2.2% njengoba ngo-2015/16 anyuka ngo-12.7% nango-9.4% ngo-2016/17 ngokwezimiso zeRegulatory Clearing Account (RCA). 

"Kubalulekile ukuveza ukuthi iNersa azikho izinqumo ezintsha ezenzile mayelana nokunyuswa kwamanani kagesi wu-Eskom onyakeni ka-2017/18,” kusho uSihlalo weNersa, uJacob Modise.

"INersa akukho lutho olusha elunqumile, zonke lezi zinqumo zenziwa ngoFebhuwari 2013,” kusho uModise.

Nokho le nhlangano ithe selivuliwe ithuba lokuthi u-Eskom ufake isicelo esisha sokunyusa amanani kule minyaka ezayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...