U-Ben 10 ubaleke nemali yestokofela
2016-10-26 16:01
Johannesburg - Ugogo uNonkanyiso Dakuse,74, ubengumgcinimafa
othenjwayo westokofela kodwa uBen 10 wakhe oneminyaka engu-23 womdabu wamdalela
izinkinga.
Lo Ben 10, owaziwa ngoMohammed Motsepe, wathembisa
ugogo isaphulelo ohambeni lwabo lwesitokofela oluya eKapa.
Kodwa
uMohammed unyamalale nesamba semali engu-R65 000 okungeyeTranskei Retired
Educators’ Stokvel.
Amalungu atshelwa ukuthi azohlala isonto lonke eholidini
alale ehhotela likanokusho iTable Bay Hotel futhi azohamba ngebhanoyiyi
lezikhulu.
Kunalokho agcine elale ehholo lomphakathi eKhayelitsha
kanti bafike ngebhasi eKapa.
Funda nalolu daba: UMnyango uholela othisha abangasebenzi
“UNonkanyiso
wasitshela ukuthi lo mfana omncane uyisoka lakhe,” kusho usihlalo westokofela
uSigidimi Xundu,84.
Uthi noNonkanyiso abasamtholi kanti amaphoyisa athi
ngeke akwazi ukuvula icala ngoba akayebanga, bamnbikeza bona ngokuthanda kwabo.
UNonkanyiso utshele iDaily
Sun ukuthi uMohammed uhlobene
noPatrice Motsepe futhi uzoyikhokha imali yesitokofela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24