U-Ace Magashule usigcinile isikhundla sakhe sokuba nguSihlalo we-ANC

2017-12-12 08:02

Bloemfontein – Usihlalo we-ANC esifundazweni saseFree State u-Ace Magashule ubuyiselwe esikhundleni sakhe.

Lo mholi uneminyaka cishe engu-25 ehleli kulesi sikhundla futhi usazoqhubeka nokubusa njengoba ibhangi yakhe ishenxe ngemizuzu yokugcina.

UMagashule owayenguNdunankulu walesi sifundazwe uthole amavoti angu-209 kanti iphini lakhe ebeliqhudelana naye uThabo Manyoni uthole amavoti angu-25.

UManyoni ongazange alubhade kule nkomfa unqabile ukuba kuphakanyiswe igama lakhe ngesikhathi eshayelwa ucingo.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN ayinavalo ngokuthi angase agudluzwe uZuma - Zikalala

UWilliam Bulwane obuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba wuNobhala uthi uzwe ngabezindaba ukuthi uManyoni ngeke alubhade.

IPhini likaMagashule uPaseka Nompondo, owayenguSihlalo waseMangaung uthole ivoti lika-elethu kanti iPhini likaNobhala elisha nguMamiki Qabathe.

UMphathi weziMbiwa-phansi uMsebenzi Zwane naye usigcinile isikhundla sakhe sokuba wuMgcini-mafa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...