U-40% wemishini yokugunda emalokishini inamanembe egazi - Ucwaningo

2018-04-21 11:07

Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ingaphezu kwengxenye imishini yokugunda ekhanda esetshenziswa ngabagundi basemalokishini etholakale inezinsalela zegazi.

Isifo i-hepatitis B sitholwe emishinini emine kwengu-50 ehlolwe ngabacwaningi base-University of Cape Town, abaveze ukuthi le mishini “kungenzeka ibe yingozi emphakathini”.

Yize i-HIV ingatholakalanga kule mishini ehloliwe kwaLanga, eGugulethu naseBonteheuwel, lowo oyinhloko yeziphathelene nesikhumba e-UCT Medical School, uNonhlanhla Khumalo, uthe lokhu akusho ukuthi abukho ubungozi bokusuleleka nge-HIV uma usebenzisa le mishini.

OLUNYE UDABA: Ucwaningo luveza umkhuba omusha ogilwa uma kwenziwa ucansi

“Uma le mishini isanda kuhlangana negazi elinegciwane i-HIV, lokho kungenza ukuthi ibe yingozi kulabo abayisebenzisayo,” kubhala uKhumalo kwiSouth African Medical Journal.

UKhumalo nethimba lakhe bebeqoqa le mishini ngemuva nje kancane kokuthi isetshenziselwe ukugunda umuntu, ikakhulukazi uma lowo ogundayo eshaya imbgungculu.

Ucwaningo olwake lwenziwa ngo-2007 lwathola ikuthi indoda eyodwa kwamathathu iyopha uma igunda imbungculu, kepha kulolu cwaningo lwakamuva kutholakale ukuthi u-42% wemishini inegazi.

UKhumalo uthe bonke abantu abagundayo bayayihlanza imishini yabo ngemuva kokugunda amakhasimende, nokho izinto abazisebenzisayo ukuhlanza le mishini azenzelwe lo msebenzi.

Udaba oluphelele lapha.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...