#ThembisileYende: INumsa yamukele ukuboshwa komsolwa

2017-06-20 12:30

Johannesburg - Inyunyana iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) yamukele ukuboshwa komsolwa ecaleni lokubulawa kwesisebenzi sakwa-Eskom, uThembisile Yende.

Umsolwa oneminyaka engu-43 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi yaseSprings ngoMsombuluko ngecala lokubulala uYende.

Le ndoda kulindeleke ukuba iphinde ivele ngoLwesihlanu kulandela ukunqatshelwa ibheyili ngoMsombuluko.

Isidumbu sikaYende esasesonakele satholwa ngenyanga edlule, sikhiyelwe kwelinye lamahhovisi akwa-Eskom, eSprings, eKurhuleni.

OLUNYE UDABA:Lihlehlile elokubulawa kukaYende namuhla

Umufi, 30, kwabikwa ukuthi udukile emasontweni amabili ngaphambi kokutholakala eshonile nakuba afunwa kule ndawo wangatholakala esanda kuduka.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yaveza ukuthi uYende waklinywa waze washona.

Umndeni wakhe ume ngaphandle kwakwa-Eskom ubhikisha, ngethemba lokuba abakwa-Eskom bazoyiphendula imibuzo ngokushona kukaYende.

I-video ye-CCTV itshengisa uYende efika emsebenzini, kodwa ngemuva kwesikhashana amakhamera acishwa, okuyinto eyaqubula imibuzo ngezokuphepha kwa-Eskom.

UPhakamile Hlubi weNumsa uthe inyunyana ithemba ukuthi ukuboshwa kwalo msolwa kuyigxathu lokuqala ekusizeni umndeni wakwaYende ukuthi uthole ubulungiswa.

"Sithemba ukuthi uphenyo luzoholela ekutheni kubeyimpumelelo ukushushiswa komsolwa nokuthi inkantolo izomgixabeza ngesigwebo esiqinile ngesenzo sakhe esibi," kusho uHlubi.


 - African News Agency

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...