Uyavela osolwa ngokubulala uThembisile Yende

2017-11-15 07:04

Pretoria - UDavid Ngwenya othweswe icala lokubulala isisebenzi sakwa-Eskom, uThembisile Yende, kulindeleke ukuba avele namuhla (ngoLwesithathu) eNkantolo yeMantshi yaseSprings.

UNgwenya, 43, naye osebenza kwa-Eskom, usolwa ngokubulala isithandwa sakhe ,uYende, ngomjovo othile ngaphambi kokumshaya ekhanda ngensimbi, wase wamklinya ngoMeyi.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala isisebenzi sakwa-Eskom

Usolwa ngokubulala uYende ngemuva kokumsola ngokuthi angase amumpimpe njengoba kusolwa ukuthi ubebandakanyeka kumkhonyovu wokweba i-copper.

UYende, 29, wanyamalala ngomhlaka-17 Meyi.

Isidumbu sikaYende satholakala ehhovisi lakhe ngemuva kokuba abasebenzi bakwa-Eskom bezwe iphunga elibi.

UYende waqala ukusebenza kwa-Eskom ngoDisemba 2015.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...