Thathani izinqumo eziphusile namhlanje, kutshelwa izintombi eMhlangeni

2016-09-11 18:29

Nongoma – UMntwana uMangosuthu Buthelezi utshele izintombi ebezibuthanele eNyokeni, KwaNongoma, zize eMkhosini woMhlanga ukuba zenze izinqumo eziphusisle uma zifuna ikusasa eliqhakazile.

UButhelezi ubebhulela iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu amazolo, okunguyena owethule inkulumo yosuku esigodlweni eNyokeni ngoMgqibelo ebusuku.

Uthe yena ngesikhathi azalwa ngaso abesifazane bayeya noma yikuphi ngaphandle kokudlwengulwa “yizinja”.

OLUNYE UDABA: Inkulumo yeSilo iphazanyiswe ukuhayiza kwamatshitshi

“Yebo, abadlwenguli bayizinja,” kusho uButhelezi.

"Namhlanje abesifazane bayakwazi ukuzibumbela ikusasa labo nokuthi baphathwe kanjani. Banenkululeko eningi kulezi zinsuku, kepha inkululeko ihambisana nokwazi ukukwenza izinqumo ezizokusebenzela kusasa.

“Niyafuna ukushada? Niyabafuna abantwana? Niyafuna ukuthweswa iziqu? Lezi yizona zinqumo okuzomele nizenze kungekudala.

“Ngiyethemba ukuthi nizokwenza izinqumo eziphusile, nivule amehlo ningahambi ninhlanhlatha nje.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...