#TaxiStrike: Kuboshwe abashayeli ababili ngokushaya iphoyisa

2017-11-08 12:32

Johannesburg  - Kuboshwe abashayeli bamatekisi ababili ngezinsolo zokushaya iphoyisa lomgwaqo ngesikhathi kuqhubeka isiteleka somatekisi, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Isigameko senzeke eCullinan, ePitoli ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwe-SAPS kanjalo nawakwaMasipala evivele isiteleka.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Lungelo Dlamini uthe isigameko senzeke ngesikhathi iphoyisa lesifazane lizame ukutshela abashayeli ukuthi basuse amatekisi emgwaqeni.

OLUNYE UDABA:Iziphathimandla eTshwane zisiqaphile isimo emgwaqeni

"La madoda abe esehlasela leli phoyisa kodwa ngenhlanhla anqandwa ngamanye amaphoyisa esifazane abeseduze," usho njalo.

Lo wesifazane akalimalanga kakhulu ngesikhathi ehlaselwa, kuqinisekisa uDlamini.

Uqhube ngokuthi la madoda womabili abe eseboshwa ngokushesha athweswa icala lokushaya.

 - IOL

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...