Sizoqala phansi futhi ntambama isiteleka samatekisi e-KZN

2016-04-01 07:30

Durban – Sekuvele ukuthi sizoqala phansi futhi isiteleka samatekisi KwaZulu-Natal kulandela ukumiswa ngoLwesithathu, ngemuva kokuthi sidonse izinsuku ezimbili.

Umhlangano obuphakathi kukaNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uWillies Mchunu nosomatekisi awuthelanga zithelo.

Kuthiwa laba baphinde bangabona ngasolinye mayelana namatekisi ashaqwa nguMnyango wezokuThutha ngempelasonto yePhasika.

OLUNYE UDABA: Sihambisana nodlame isiteleka samatekisi eThekwini

Osomatekisi bafuna ukuthi kudedelwe amatekisi angaphezulu kuka-200 ashaqwa ngoba kuthiwa awanazo izimvume zokusebenza.

Okhulumela iSantaco uBoy Zondi uthe sebekhathele yisenzo soMnyango.

Lesi siteleka besihambisana nodlame njengoba kulimale kabi abantu ababili kuso.

 

*Konke okubhalwe lapha kungamancoko e-April Fool’s Day!

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...