Sizoqala namuhla ukulalelwa isicelo enkantolo sikaZuma ngombiko kaMadonsela

2017-10-24 09:30

Pretoria – INkantolo eNkulu eNorth Gauteng ngoLwesibili kulindeleke ukuba ilalele isicelo sikaMengameli Jacob Zuma sokubuyekezwa kwezincomo zikalowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ngombiko we-State Capture.

Lolu daba kuhlelwe ukuba lulalelwe izinsuku ezintathu enkantolo.

Phambilini kubikwe ukuthi uZuma ufake isicelo sokuba iNkantolo eNkulu ibuyekeze umbimko kaMadonsela uphinde uhoxiswe.

UZuma uthi lowo owayenguMvikeli woMphakathi wagxambukela emsebenzini okumele wenziwe yikomidi eliphezulu kuhulumeni ngezincomo zakhe.

OLUNYE UDABA: Ukhokheliwe owaboshw akungafanele nengane yakhe

UMadonsela wayephenya ngezinsolo ngobudlelwane obunogcobho phakathi komndeni wakwaGupta nalabo abakwiKhabhinethi likaZuma kanye nodaba lwamathenda ezinkampanini zoMbuso.

UMadonsela wathi akakwazanga ukuphothula uphenyo ngenxa yokushoda kwezinsiza kusebenza, wabe esephakamisa ukuba kusungulwe ikhomishini ezokwenza uphenyo.

UMadonsela wayinyathela emsileni ngokuthi athi inhloko yamajaji uMogoeng Mogoeng kumele kube iyona ezokhetha ijaji elizohola ikomishini ezokwenza uphenyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...