Sizobhekana ngqo nalabo abadla imali yabakhokhi bentela - Ramaphosa

2018-01-11 18:00

Qunu – UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uphinde wakugcizelela ukuthi bazobhekana ngqo nalabo abantshontsha imali yabakhokhi bentela.

URamaphosa uqhubekile nomkhankaso wakhe wokwakha ubumbano kwi-ANC, watshela nabalandeli benhlangano eQunu, e-Eastern Cape, ukuthi bafuna ukushintsha indlela elenza ngayo izinto iqembu baphinde balibeke kwelinye izinga ukuze liphinde liwine izinhliziyo zabantu.

Ekhuluma ehholo lomphakathi eQunu, uRamaphosa uphinde wathi i-ANC kumele ihlukane nokukwebhana yodwa.

"Into okumele siyenze ukuba sibumbane. Sikhethelwe ukuba silethe ubumbano kwi-ANC. Le nto yethu yokukwebhana sodwa kumele iphele,” esho.

OLUNYE UDABA: Gigaba: Intsha akumele igaqele amathenda kuphela

"Uma sikhuluma kumele sikhulume ngazwi linye,” kuqhuba uRamaphosa.

Ekuseni uRamaphosa uqale wahola ithimba elivakashele emzini kaNelson Mandela.

Utshele ebebelapho ukuthi bazobuyisa i-ANC kaMandela. "UMandela ubengathanda ukuthi sikhuculule inkohlakalo ekhona ku-ANC siphinde senze inhlangano iphinde ihaleleke kubantu baseNingizimu Afrika."

- Political Bureau 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...