Siyazama ukulungisa izinto, uZuma uzohamba - Mashatile

2018-02-12 07:20

Cape Town – UMgcinimafa we-ANC uPaul Mashatile utshele abazalwane esontweni eliseGugulethu ukuthi i-ANC iyazilungisa izinto mayelana nekusasa likaMengameli Jacob Zuma, wabaqinisekisa ukuthi “uZuma uzohamba”.

UMashatile namasekela ongqongqoshe oBheki Cele noMcebisi Skwatsha bebehambele iJafta Methodist Church eseGugulethu ngeSonto njengxenye yemigubho yeminyaka engu-100 yokuzalwa kukaNelson Mandela.

Usuku lwangeSonto futhi belumaka iminyaka engu-28 uMandela aphuma ejele ngo-1990.

UMashatile ube esegibela epulpiti watshela ibandla ukuthi uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa usephothula imibandela yokuphuma kukaZuma.

"UMengameli Zuma uzohamba. UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa nguye kuphela umengameli, ngakho ningadideki. UMengameli Zuma usewuqedile umsebenzi wakhe futhi useyahamba,” esho ekhuluma isiXhosa.

Uthe i-ANC iyinhlangano ebuswa yintando yeningi. UZuma waqokelwa ukusebenza ngaphansi kwemibandela ethize, kanti manje sekuyisikhathi sikaRamaphosa sokuphatha.

"Ningakhathazeki. Zikhona izingxoxo, futhi siyazilungisa izinto,” esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...