Siyaqhubeka isiteleka sabasebenzi baseMakro

2017-09-28 06:59

Mbombela - Bangaphezu kuka-350 abasebenzi bakwaMakro eMbombela nakwezinye izingxenye zezwe ababeke phansi amathuluzi bangena esitelekeni.

Lesi siteleka esingene esontweni lesibili, nokuyisiteleka lapho abasebenzi befuna ukukhushulelwa amaholo, siyaqhubeka.

NgoLwesibili abasebenzi bebebhikishela ngaphandle kwamagceke akwaMakro eNelspruit ngesikhathi isitolo siqhubeka nokusebenza.

Lesi sitolo siqashe abasebenzi besikhashana njengoba abanye babasebenzi abaqashwe ngokuphelele bajoyine isiteleka.

OLUNYE UDABA:ISantaco isimise isiteleka ebesihlelelwe umhlaka-12 kwephezulu

UCrosbie Mathumbu, omele abasebenzi ngaphansi kwenyunyana i-South African Commercial Catering and Allied (SACCAWU) eMbombela, uthe abasebenzi bafuna ukukhushulelwa amaholo ngo-R750.

Uthi izingxoxo phakathi kwabo nomqashi zaqala ngomhlaka-13 kuJulayi nonyaka kodwa bangafinyelela esivumelwaneni.

Ngemuva kwezingxoxo, le nyunyana yathola isitifiketi esigunyaza isiteleka ngokusemthethweni.

Ezweni lonke bangaphezu kuka-5 000 abasebenzi ababeke phansi amathuluzi betelekela ukukhushulelwa amaholo ngo-8,5% nokuyimali elinganiselwa ku-R750 umuntu ngamunye uma umqashi esamukela isiphakamiso sabasebenzi, kubika iMpumalanga News.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-31 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...