Siyaqhubeka isiteleka sabasebenzi bakwa-SABC

2017-11-03 09:29

Johannesburg - Kulindeleke ukuba siqhubeke isiteleka esimayelana nokukhushulwa kamaholo, sabasebenzi bomsakazeli omkhulu kuleli iSouth African Broadcasting Corporation namuhla (ngoLwesihlanu).

Inyunyana iBroadcasting, Electronic, Media & Allied Workers Union (Bemawu) nabaphathi be-SABC bebevalelene amahora emhlanganweni wayizolo (ngoLwesine) kwaze kwahlwa.

Abasebenzi bafuna ukukhushulelwa amaholo ngo-10%, kodwa lo msakazeli uthi awunayo imali.

OLUNYE UDABA:Babeke phansi amathuluzi abasebenzi bakwa-SABC

Abakwa-SABC bathi isiteleka asikho emthethweni kodwa owe-Bemawu, uJannes du Buisson uyakuphikisa lokho njengoba ethi abameli babo bathumelela abakwa-SABC incwadi emayelana nesiteleka.

Khonamanjalo, inyunyana iCommunication Workers Union (CWU) yona ifuna ukukhushulelwa amaholo ngo-15% kodwa amalungu ayo awatelekile.

Owe-SABC uKaizer Kganyago uxwayise abasebenzi ngokubuyela emsebenzini okanye bazoqondiswa izigwegwe.


 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...