Siyamthanda uMugabe, yingakho sithi akaphumule - EFF

2017-01-26 13:02

Cape Town – Iqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoLwesithathu liqhubekile nokuhlasela ngamazwi iqembu elibusayo eZimbabwe iZanu-PF, njengoba lithe ayihambisani nendaba ‘yokubusa uze ufe’, okuyinto okubukeka sengathi uMengameli Robert Mugabe uzimisele ngokuyenza.

I-EFF igxeke uhulumeni waseZimbabwe oholwa yiZanu-PF ngokuvikela ubuholibukaMugabe, nakuba kubonakala ukuthi useyehluleka ukwenza kahle umsebenzi ngenxa yeminyaka yakhe.

Lokhu kungemuva kokuba uhulumeni waseZimbabwe ezwakalise ukudinwa ngemuva kokuba umholi we-EFF uJulius Malema ethe uMugabe, 92, kumele ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: Usuphinde wagadla kuMalema uhulumeni kaMugabe

UMalema uthe izikhulu zeZanu-PF zingamagwala ngokwehluleka ukutshela uMugabe ukuba ehle esikhundleni.

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi uthe iqembu lakhe limile kwelikushilo ngobuholi bukaMugabe.

"UMengameli Mugabe simthanda ngaphezu kwawo onke amagwala eZanu-PF asondelene naye ngoba simtshela iqiniso. I-EFF iyona kuphela emkhathalele ‘umadala’, yingakho sifuna ukuba aphumule, anikeze abanye izintambo.” 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...