Sitholakele isidumbu sengane eyalahleka kuhlaselwa unina oyisimumu

2017-12-21 09:35

Johannesburg – Kutholakale isidumbu sentombazane enezinyanga engu-9 eyalahleka ngesikhathi kuhlaselwa umama wakhe.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ebusuku ngaseParys, lokhu kuvezwe amaphoyisa aseFree State ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa iColonel Thandi Mbombo utshele abeNews24 ukuthi isidumbu besesiqala ukubola sitholakala esikhotheni.

Lesi sidumbu sitholwe wumuntu obedlula kule ndawo ngo-18:30 ntambama.

“Lesi sidumbu sitholakale sisesimweni esibi kakhulu futhi bekungaqondakali kuthi ishone kanjani le ngane, sisazohlolisiswa ukuze kutholakale imbangela yokushona kwayo,”kusho yena.

OLUNYE UDABA: 'Kungakufaka enkingeni ukubhala ngezivimbamgwaqo kwezokuxhumana'

Amaphoyisa aqala ukufuna le ngane ogama layo nguKutloano Maloitsane ngesikhathi owesilisa eyeba kumama wayo oyisimumu futhi ongakwazi ukukhuluma ngomhlaka 16 Disemba.

Lo mama, 22, ubesendleleni eya ekhaya kubo ebelethe le ngane ngesikhathi ehlaselwa owesilisa obezama ukumdlwengula.

“Lo mama ukwazile ukubaleka kodwa ingane yawa lendoda yathatha ingane yabaleka nayo,”kusho amaphoyisa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...