Sitholakale sigqitshiwe isidumbu sebhungu ebelidukile

2017-12-13 19:18

Cape Town – Isidumbu sebhungu, okubikwe ukuthi lidukile, sitholakale sigqitshiwe ehlathini ngakuSymphony Way eDelft, eKapa, ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape, uCaptain FC Van Wyk, uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ngemuva kokuba umuntu othile ebone ingalo.

Isidumbu somfana oneminyaka engu-14 ubudala zimbiwe. Besinenxeba ekhanda kanti ubuso bebuvuvukele, kusho uVan Wyk.

"Umufi uhlonzwe ngugogo wakhe okunguyena owayebike ukuthi unyamalele [ngoLwesibili] ebusuku,” esho.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elamaphoyisa asolwa ngenkohlakalo

Amaphoyisa aqalise ukumthungatha ngemuva kokubikelwa ngumndeni ukuthi akatholakali.

Isisulu ngesaseDelft South.

Imbangela yokubulawa kwakhe kayaziwa, futhi akukaboshwa muntu, kusho uVan Wyk.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...