Sitholakale sesonakele isidumbu sentombazane ebidukile

2017-03-16 12:31

eNanda - UNokulunga “Manlo” Majola, 13, obefunda uGrade 9 eKhethokuhle High eMatendeni, eNanda, waphuma ekhaya eya esikoleni ngoLwesibili olwadlule kodwa akazange abuye ekhaya.

UZanele Khumalo ongumamkhulu wale ntombazane eyashonelwa ngunina, uthe uqale wazitshela ukuthi ingane yakhe cishe isiyajola uma kudlula isikhathi ingabuyi ekhaya.

“Bengizitshela ukuthi useqala imikhuba, ngimbuzile kwezinye izingane zathi usele ngemuva. Kwazwe kwahlwa engabuyi, ngalala umoya wami wephukile," kusho uKhumalo.

Uthe ngakusasa waya esikoleni watshelwa ukuthi uMajola ubonakale nomunye umfana funda uGrade 12 kulesi sikole.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu sesalukazi sigwaziwe emzini waso

Isidumbu sikaNokulunga sitholakale sidindilizile ngoMsombuluko budebuduze nasekhaya kubo.

UKhumalo uthi kuzwakale ngephunga ehlathini. “Angazi ibibekwa yini ingane emgwaqweni owubhuqu oya eMtshebheni lapho kugcine kutholwe khona isidumbu,” kusho uKhumalo ekhala.

Uthe amalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa ngenxa yezinto ezithile ezihambisana nomthetho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kuyaphenywa ngalesi sigameko, kubika iSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...