Sitholakale edamini isidumbu somfana, 12, obedukile

2017-03-22 11:00

Johannesburg – Isidumbu somfanyana oneminyaka engu-12 ubudala oduke kulandela usuku beyongcebeleka ngesikebhe edamimini eliseGeysdorp, eNorth West, ngempelasonto, sesitholakele, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Lo mfanyana, kanye nabanye abafana abane abalinganiselwa eminyakeni ephakathi kwengu-12 kanye nengu-13 ubudala, bawe kade beseshubhini ebelidonswa yisikebhe ngeSonto, lokhu kudalulwe yiSouth African Police Service ekhasini layo lakuFacebook.

OLUNYE UDABA: Kuhlokoma izinkundla ngendoda yomlungu ehlasela owesimame omnyama eSpur

Osebenza kulesi sikebhe ukwazile ukutakula abanye abafana ngaphandle kwalo oyedwa, nokuholele ekutheni uphiko lwamaphoyisa angabatshuzi luqale uphenyo ngoMsombuluko.

Kodwa-ke isidumbu sakhe size satholakala ngoLwesibili.

Kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...