Sisotakwini isikhulu samaphoyisa kaMasipala
2016-05-25 14:31
Durban – Umnini sitolo waseSpringfield eThekwini uphila
ngokwesaba ngemuva kokuhlukunyezwa isikhulu samaphoyisa kaMasipala u-Eugene
Nzama, kubika iMercury.
UNzama usolwa ngokusebenzisa amandla akhe ngendlela engafanele
lapho ebosha onogada ababili bokufika. Kuthiwa lokhu ukwenze ngenxa yokuthi
oyedwa wabo ubengafuni ukusayina isiliphu sakhe ngemuva kokuthenga amabhokisi
amabili okugcina impahla.
OLUNYE UDABA:Izigebengu zibambe iphoyisa inkunzi
Umnikazi wesitolo ukhala ngokuthi uNzama ufike wathenga kodwa wanqaba ukuthi kusayinwe isiliphu sakhe kodwa wacela ukuthi unogada avele iphemithi lakhe lokusebenzela kuleli.
Kuthiwa indlela aziphatha ngayo uNzama icindezela abaningi kangangokuba namaphoyisa asebenza ngaphansi kwakhe afuna asule esikhundleni.
Okhulumela umasipala weTheku uTozi Mthethwa uthe: “Kuzokwenziwa
uphenyo ngalezi zinsolo kanti uma uNzama etholakala enencala, kuzoqalwa inqubo
yokuqondiswa kwezigwegwe.”
- News24